UMCULI USEXOLISILE NGOLWASEMDLETSHENI
Esitatimendeni , isihlabani somculo uNaledi Aphiwe,osemusha endimeni, uxolisile ngokuphazamisa isihlabani somculo kamaskandi emcimbini obusanda kwenziwa eMdletsheni, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lesi sigameko esenzeke ngesikhathi kucula uGatsheni, sisuse umsindo nokukhathazeka kubathandi bomculo nabahleli bemicimbi.
Esitatimendeni esikhishwe ku-Facebook uNaledi uzwakalise ukuzisola okukhulu ngesenzo sakhe, wathi bekungeyona inhloso yakhe ukudelela uGatsheni noma ukuphazamisa umcimbi.
“Ngiyalibona iphutha engilenzile ngenhliziyo, futhi ngiyazisola,” kusho uNaledi. “Ngiphinde ngixolise kuwo wonke umuntu ophatheke kabi ngalokhu, futhi ngiyathembisa ukuthi ngizothatha lesi sikhathi ngicabangisise ngezenzo zami, ngikhule njengeciko ngibe umuntu ongcono ukuya phambili.”

UNaledi uphinde wasebenzisa leli thuba ukubonga,uMthandeni, nethimba lakhe ngokumnikeza inkundla yokunandisa kulo mcimbi.
Lo mculi osemusha uvumile ukuthi ukuphumelela endimeni yomculo kudinga okungaphezu kwethalente, wagcizelela ukubaluleka kokukhula ngokomqondo, ukuhlonipha abanye, nokwazi ukusebenza nabantu.
Abahleli bomcimbi nabalandeli bakwamukele ukuxolisa kukaNaledi, bancome ukuzithoba nokuzimisela ukufunda emaphutheni akhe.
Njengoba uNaledi Aphiwe eqhubeka nokuzulazula embonini yomculo, ukuzinikela kwakhe ekukhuleni, ekuhlonipheni nasekuzithobeni kungenzeka kumzuzele nabalandeli abaningi nakakhulu.